Lihlehlisiwe icala lokubulawa kwemenenja yaseSakhumzi

2017-02-15 19:36

Johannesburg - Lihlehlisiwe icala laloyo osolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwemenenja yasendaweni yokudlela ekuVilakazi Street eSoweto, iSakhumzi.

Icala lihlehliselwe ukuba uMbuso uthole esinye isikhathi sokuqhubeka nophenyo.

UNjabulo Ngubane, 24, wasehostela laseSoweto iDube, uboshwe KwaZulu-Natal ngempelasonto ngokubandakanyeka ecaleni lokubulwa kukaKwesi Hudson.

OLUNYE UDABA:Kuqinisekiswe ukudutshulwa kwemenenja eSakhumzi

UNgubane uvele eNkantolo yeMantshi yase-Orlando ngoLwesithathu ntambama nalapo uMbuso ucele khona ukuba agcinwe esitokisini sasesiteshini samaphoyisa ase-Orlando aze aphinde avele ngomhlajka-22 Febhuwari.

UNgubane ubhekene necala lokubulala nokuphanga.

Umsolwa wesibili, igama lakhe elisagodliwe njengoba engakaveli enkantolo ubandakanyeka kwesinye isigameko sokuphanga sangoNovemba odlule.

Naye uboshwe KwaZulu-Natal ngecala lokuphanga kanti uzovela ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yase-Orlando.

Umsolwa wesibili yena ubhekene necala lokuphanga ehlomile nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni okungenzeka ukuthi sasebenza ekubulaleni uHudson ngenyanga edlule.

UHudson, 60, wadutshulwa wabulawa ngesikhathi kuphangwa kule ndawo yokudlela edume naphesheya kwezilwandle.

- TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.