Lihlehlisiwe icala lombango wokuhola i-ANC eKZN

2016-11-23 14:30

Pietermaritzburg – Lihlehlisiwe icala laseNkantolo elihlose ukuba kuhlakazwe ubuholi obakhethwa kwingqungquthela yesi-8 yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu Natali (KZN) eyayibanjwe ngonyaka ka-2015.

Leli cala belilalelwe eNkantolo yeMatshi ePietermaritzburg ngoLwesithathu.

IJaji u-Esther Steyn uhlihlise leli cala ngemuva kokuthi abamangalelwa befake isicelo enkantolo sokuthi banikezwe esinye isikhathi ngaphambilini kuleli sonto.

Lesi sicelo simayelana nemiqulu yamaphepha asenkantolo kanye nesikhathi esidingekayo ukulungiselela ukuqulwa kwecala.

OLUNYE UDABA: Sibi isimo kwi-ANC eJozini

Usuku olusha okuzoqhubeka ngalo icala kusazovunyelwana ngalo.

Lo mkhankaso wasenkantolo wokuvimbela lobu holi obusha be-ANC waqala ngaphambi kwesonto kuqale ukhetho lohulumeni basekhaya ngoMay.

Uma lesi sicelo sasenkantolo sigcina siphumelele singaholela ekuhlakazweni kobuholi bonke be-ANC eKZN.  

Abamangali abahlanu kuleli cala, uLawrence Dube, uSibahle Zikalala, uMartin Mzangwa, uMzweni Ngcobo kanye noLindiwe Buthelezi bathola ukwesekwa ngenkathi amagatsha angu-11 eMlazi ehambisnana nabo.

Phakathi kwabamangalelwa abangu-39 kubalwa uSihlalo we-ANC KwaZulu Natali, uSihle Zikalala, oyiSekela lakhe, uWillies Mchunu, i-ANC uqobo, i-IEC kanye nabanye abaholi be-ANC. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.