Lihlehlisiwe icala lomfundisi osolwa ngokuqola abantu izimali

2017-01-18 14:30

Cape Town – Umfundisi “webhanoyi” nosolwa ngokuqola abantu izizumbulu zemali, uColin Daniels, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseBellville ngoLwesithathu nalapho icala lakhe liye lahlehliswa ukuze kwenziwe olunye uphenyo.

UDaniels waboshwa ngoJuni wangonyaka odlule nalapho adedelwa khona ngebheyili ka-R100 000 ngemuva kokuba yena kanye nenkampani yakhe, iPlatinum Forex, babekwa amacala okukhwabanisa ngezinsolo zokuphula umthetho weFinancial Advisory and Intermediary Services Act kanye noweBanks Act.

UDaniels wayehola ibandla iNew Direction Grace Ministries, eParow, futhi wayenguMqondisi wePlatinum Forex.

OLUNYE UDABA: OKlebe bafuna abaqolwa wumfundisi ‘webhanoyi’

Kusolwa ukuthi wayethembisa inzuzo enkulu kunaleyo eyejwayelekile kulabo ababetshala izimali zabo, iningi labo okwakungabasebenzi bakahulumeni kanye nabantu abasebethathe umhlalaphansi. Kuthiwa babethenjiswa inzuzo esukela ku-48% kuya ku-84%.

NgoLwesithathu enkantolo, uJannie Knipe uthe uphenyo luqhuba kahle, kodwa yicala elibucayi ngakho ukuliphenya kuzodinga isikhathi.

Ngaphandle kwenkantolo, uDaniels, unqabile ukuphawula. Ngaphambilini watshela iNews24 ukuthi umsulwa.

Ngaphambilini, iNational Prosecuting Authority (NPA) yathi leli bhanoyi laliqoqa izimali kubantu lizenza isikhungo sokutshala imali esishintsha izimali zaphesheya.

Kusolwa ukuthi abatshalimali babengakhokhelwa ngemali eyinzalo, kodwa babekhokhelwa ngemali eyayifakwe abatshalimali abasha.

Ngokujwayelekile amabhanoyi awulolu hlobo avamise ukuthi awe uma ngabe bengasekho abatshalimali abasha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.