Lihoxisiwe icala abelibhekene nemenenja yeKaizer Chiefs

2016-07-20 14:30

Johannesburg - Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung isingokhululekile kanti lokhu kushiye iNational Prosecuting Authority (NPA) noKlebe besolana ngokwehluleka kwabo ukwenza okuthile ngecala.

I-NPA ikuqinisekisile kwiSowetan ukuthi icala ebelibhekene noMotaung nabanye selihoxisiwe ngenxa yokungabikho kobufakazi obanele.

UMotaung nozakwabo, uHerbert Theledi‚ noChris Grib‚ isikhulu esiphezu eLefika Emerging Equity‚ bathweswa icala ngo-2012 lokusebenzisa i-tax clearance certificate ‘engumbombayo’ ngesikhathi befaka isicelo sokuthola ithenda ‘yokwakha’ iMbombela Stadium.

Funda nalolu daba: Kubhiyoze umphakathi enqatshelwa ibheyili usomatekisi

Laba futhi bebebhekene necala lokubhala incwadi benza sengathi ngeyakumasipala waseMbombela ukuze bezobolekwa imali engu-R1-million, nangokweba u-R143-million.

Ngemuva kwezingqinamba, oKlebe bathi banikeze i-NPA yonke imiphumela yophenyo yase ithatha isinqumo sokungaqhubeki nokushushisa.

Kodwa okhulumela i-NPA kulesi sifunda, uMonica Nyuswa uthe abazange batshelwe ukuthi kumele benzenjani ngemuva kokungabikho kobufakazi obanele, ngaleyo ndlela icala lahoxiswa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.