Lihoxisiwe icala likaManana lokushaya owesifazane

2018-05-07 16:00

Johannesburg - Selihoxisiwe icala lalowo owayeyiSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme futhi osayilungu le-ANC ePhalamende, uMduduzi Manana.

UManana ubebhekene nezinsolo ezintsha zokuhlukumeza owesifazane, lokhu kungokusho kombiko wangaphambilini ngoMsombuluko weSowetanLive.

Leli phephandaba belibike ukuthi uManana usolwa ngokuzama ukudushela phansi umsizi wakhe wasendlini emasitebhisini emzini wkahe oyisithabathaba, eFourways, eGoli.

OLUNYE UDABA:BUKA: UManana enika amantombazane ama-pads

Lo wesifazane, igama lakhe nguChristine Wiro, udube umsebenzi ngeSonto ngemuva kwamasonto amathathu futhi wamuvulela icala lokushaya, ukuthuka inhlamba nokumesabisa esiteshini samaphoyisa aseDouglasdale.

UWiro, 43, odabuka eZimbabwe uthi uManana ubemdelela, emthuka ngamaphutha amancane abewenza waze wamusabisa nangokuthi uzomuphindisela kwelakubo eZimbabwe ngemuva kwezinsolo zokuthi wavulela umuntu okungasiye isango ezityshela ukuthi ngesinye sezivakashi.

Okhulumela amaphoyisa uMathapelo Peters uthe: "Icala lokushaya ebelivulwe esiteshini samaphoyisa aseDouglasdale ngeSonto ebusuku.

"Isisulu, nakuba kunja;, sabuya ngemuva kwamahora ambalwa salihoxisa icala. Njengamaphoyisa asinaso isiqiniseko sokuthi kungani isisulu sikhethe ukulesula icala. Ekugcineni isisulu yiso esinelungelo."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.