Durban - Lingeniswe esibhedlela iphoyisa elilimale ngesikhathi indoda ethile ivulele ngenagnono ibhekise emaphoyiseni endaweni yaKwaNyamazane, KwaMaphumulo, kwisifunda saseLembe.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natala uCaptain Nqobile Gwala uthe lesi sigameko senzeke ngoLwesine ngesikhathi amaphoyisa ithimba lamaphoyisa eLembe Cluster esebenzisana naweMpangeni Public Order Policing, eya kule ndawo funa izibhamu ezingekho emthethweni.
OLUNYE UDABA: Kulimale iphoyisa kulwa abe-ANC nabe-SACP
UGwala uphinde wathi ngesikhathi amaphoyisa efika emzini womsolwa, athole isibhamu sohlobo lwe-9mm nezinhlamvu ezingu-6.
"Kufike umfowabo womsolwa wavulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni ngesikhathi esame ngapahndle. Kube sekudutshulwana, kwalimala iphoyisa ekhwapheni, umfowabo kamsolwa yena walimala eqakaleni," kusho uGwala.
Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela lapho umfowabo womsolwa aqashwe khona ngamaphoyisa.
UGwala uthe kulindleke ukuba abasolwa bobabili bavele eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo maduze.
Umsolwa wokuqala uzobhekana necala lokuthokala nesibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni kanti owesibili yena uzobhekana nelokuzama ukubulala.
- EyethuNews
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter