Lilinde inhlamvu ekhanda ikhansela elicuthelwayo

2018-04-03 11:00

Kokstad - Likhala ngokulandelwa abantu abafuna ukulisoconga ikhansela lomkhandlu waseHarding uMuziwabantu eningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal njengoba selilala obenyoni ngenxa yabantu elithi balithungatha okwenyamazane.

UMnu Xola Mndela oyikhansela lakuwadi 3 edolobheni eHarding usenezinyanga ezimbalwa eyikhansela kulo mkhandlu njengoba naye wangena ezicathulweni zikaMnu Alwyn “Ace” Houston, naye owadutshulwa.

UMnu Houston wadutshulwa ngoDisemba 2016 abantu abangaziwa abaqhamuka esigangeni bavulela ngenhlamvu emini kabha ngesikhathi ebambe umhlangano namalungu omphakathi endaweni ebizwa ngeGhost Town khona eHarding.

Leso sigameko sadala olukhulu utwetwe emphakathini wendawo nakwabezombangazwe njengoba senzeka besathuswe yisigameko sokudutshulwa kubulawe uMnu Bongani Sikhosana owayayikhansela kuwadi 1 nowadutshulwa kwakhe eSantombe ngesikhathi elungiselela ukuhambisa izingane zakhe esikoleni ngoJulayi ka-2016.

Kodwa manje uMnu Mndela ukhuluma angananazi ukuthi inhlamvu ingase ikhale kuyena ekhanda noma inini njengoba ethi kunabantu abamthungathayo.

Lokhu kulandela umbhalo awubhale enkundleni yezoxhumana ngeledlule lapho edalule ukuthi kunamagwala ahamba ebuza abantu ngaye nokuthi uhlala kuphi, ahamba ngemoto ewuhlobo lweGolf ebomvu.

OLUNYE UDABA: Lisenyakanyakeni ikhansela elishaye elinye

Uphinde wabhala wathi lezi nkabi ngezaseMgungundlovu kanti bezithunywe ukuba ziqede ngaye kodwa zehlulekile.

Ekhuluma neZindaba24 uthe akathandabuzi nakancane ukuthi lokhu kuthungathwa kwakhe kuhambisana nezombangazwe ngaphakathi enhlanganweni kaKhongolose kanye nezigameko ebezisanda kwenzeka emkhandlwini wakhe.

Udalule nesokuxoshwa kwemenenja ebiphethe uMkhandlu uMnu Sazi Mbhele wathi: “Phela yithina esavotela ukuthi ingavuselelwa inkontileka yakhe njengoba ngikhuluma nawe nje akumina ngedwa olandelwayo, kunelinye ikhansela nalo elavotela ukuthi uMnu Mbhele axoshwe uMnu General Memela uke walandelwa yiMercedes Benz ebingenayo i-number plate kwasiza ukuthi imoto yakhe ibingashayelwa uyena kodwa umshayeli ubaleke wangena egaraji."

Uthi yena akasabi lutho kodwa wesabela umndeni wakhe njengoba wangena kwezombusazwe azi kahle ukuthi kushubile.

Wale waphetha ukudalula ukuvikeleka kwakhe wathi akasathembi muntu ngoba lolu daba waludlulisela naseHhovisi likaNgqongqoshe wezokuPhepha esifundazweni iKwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, kodwa kwangabindaba zalutho.

USomlomo womkhandlu uMuziwabantu uMnu Mzwandile Nyathi uthe lolu daba belungekafikeleli kuyena ngokusemthethweni kodwa bebeke baxoxisane ngalo noMnu Mndela nokuthi akwaziyo ukuthi akezwani nekomidi lewadi yakhe uthi kunabantu abathi akangasebenzisani nalo.

Uthe uMnu Mndela wangena laphaya kunekomidi lewadi elaliqokwe ngesikhathi sekhansela elashona uMnu Houston - angena ezicathulweni zalo - elingagudluzwa ngokusemthethweni uma sekuphele isikhathi samakhansela seminyaka emihlanu.

“Angeke ngazi noma yilabo bantu abamsabisayo kodwa uMnu Mndela wazi kahle ukuthi kufanele enzeni uma kukhona akusolayo ngempilo yakhe,” kusho uMnu Nyathi.

Uphinde wathi akacabangi ukuthi lolu daba luhlangene nolukaMnu Mbhele.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel Thembeka Mbheke uthe likhona icala elavulwa nguMnu Mndela ngo-Agasti nyakenye lokwesatshiswa ngokubulawa kodwa bekungekaboshwa muntu.

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.