Limgojele owashisa intombi bebanga isithombe saku-Facebook

2018-05-03 12:30

eMthatha -  UThozamile Gawula utholakale enecala lokushisa intombi yakhe nge-ayina ebusweni, esiswini kanye nasemathangeni ngesikhathi benengxabano ngenxa yesithombe saku-Facebook.

NgoMsombuluko, uGawula, 30, ulivumile icala lokuzama ukubulala uMihle Sibembe eNkantolo kaMantshi eMthatha.

Kuthiwa lokhu kwenzeka ekhaya kubo kaGawula elokishini laseKhwezi eMthatha ngoKhisimusi ka-2016.

Ngemuva kwalesi sigameko, umsolwa wafaka uSibembe, owayeneminyaka engu-26 ubudala enza izifundo zezomthetho, eshalofini elingaphansi kombhede.

OLUNYE UDABA: Kunezinsolo zokuthi belinqaba ukwaliwa isoka elisolwa ngokubulala intombi

Okhulumela abe-NPA kulesi sifunda uLuxolo Tyali uthe lolu daba luhlehliselwe umhlaka-25 kwephezulu lapho kuzofakwa khona isitatimende sokugcina sesisulu nokuyinto ejwayelekile uma sekuqalwa inqubo yokukhishwa kwesigwebo.

NgoJanuwari 2017 umama wentombi, uZodumo Sibembe, watshela abeDaily Dispatch ukuthi watshelwa ngalesi sehlakalo wumngani wendodakazi yakhe.

"Ngaya kubo kwesoka ngiyombheka, ngathola isoka lihleli lodwa ngaphandle. Langitshela ukuthi alikamuboni uMihle selokhu lamgcina ngoKhisimusi," kusho yena.

Uthi lolu daba walubika emaphoyiseni aseNgangelizwe wase eya erenki yamatekisi, lapho afike atshela khona iqulu lamadoda ukuthi kwenzakaleni.

La madoda amphelezela ebuyela kubo kwesoka nokuyilapho bayicinga khona indodakazi yakhe.

"Sathi sivula leli khabethe elingaphansi kombhede, sayithola lapho indodakazi yami iqulekile futhi inamanxeba okusha," kuqhubeka lo mama.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.