Limgojele owabulala umuntu wesifazane ehostela eGlebelands

2018-03-30 11:16

Owesilisa osolwa ngohide lwamacala okubulala ehostela lezimanga iGlebelands, eMlazi, ulahlwe yicala lokubulala owesifazane kulona leli hostela, ngoLwesine.

UKhayelihle "Mroza" Mbuthuma, 32, ugojelwe yicala lokubulala uSibongile Princess Mtshali, owadutshulwa washona ngomhlaka-26 Julayi nyakenye, esegumbini lakhe kulona leli hostela.

Elahla uMbuthuma ngecala eNkantolo yesiFunda yaseThekwini, iMantshi uBongiwe Mbulawa uthe wenelisekile ngobufakazi obulethwe ngaphambi kwenkantolo ngufakazi owayekhona kubulawa uMtshali.

"Ubufakazi bakhe ngiyabukholwa futhi buneqiniso,” kusho uMbulawa.

Ufakazi, ongazange adalulwe igama futhi owethula ubufakazi ngale kwamakhamera, ubebizwa ngoWitness X kuleli cala.

Watshela inkantolo ukuthi yena nabanye abantu besifazane ababili babekuRoom 33, endlini kamufi, kuBlock 46 kuleli hostela ngesikhathi kwenzeka isigameko.

Uthi wayejwayele ukuya khona eyobukela umabonakude futhi uMtshali wayethengisa unemenayithi.

UWitness X uthi wayemazi uMbuthuma nalowo ayehamba naye, owayaziwa ngoNtokozo ngaphambi kwesigameko.

Lowo owayehamba noMbuthuma, uNtokozo Gwala, lamvuna icala lokubulala uMtshali ngenxa yokushoda kobufakazi.

Kuthiwa la madoda angqongqoza lapho okwakuhlala khona uMtshali ezenza abantu abazothenga, kwathi uma ephuma bavulela ngenhlamvu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.