Limgojele owesilisa waseRichards Bay obebhekene nelokudlwengula

2018-04-11 14:02

eThekwini - Owesilisa ulahlwe yicala lokudlwengula nokugwaza owesimame oneminyaka engu-28 ubudala eNkantolo yesiFunda eRichards Bay.

Amaphoyisa akwaZulu-Natal ngoLwesithathu athi lo mlisa ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele.

Kuthiwa leli cala lenzeka ngesikhathi lowesimame eya esitolo eBirdswood, Richards Bay ngoMashi wangonyaka odlule ngesikhathi ehlangabezana nalo msolwa onguNkululeko Mdakane.

UMdakane wafuna umakhalekhukhwini kanye nemali yalo wesimame emkhombe ngommese.

"Isisulu satshela lo mlisa ukuthi kasinakho lokhu akufunayo nokuyilapho amgwaza khona emsabisa ngokumbulala ngaphambi kokumdlwengula, kusho uLieutenant-Colonel Thulani Zwane.

OLUNYE UDABA: Kukhuzwe kwababazwa eyabafazi abawu 80 namashende

"Ngemuva kwesigameko, lo wesimame wakwazi ukubaleka ngenhlanhla wahlangana nowesilisa owamsiza wamhambisa emaphoyiseni."

Kwavulwa icala lokudlwengula elaliphenywa ngabeMpangeni Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit.

UMdakane wabanjwa lapho njengoba esegwetshwe iminyaka eyishumi ngokudlwengula kanye nemihlanu yokuzama ukubulala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.