Limgojele umama owabulala amadodana akhe amabili

2017-12-06 07:07

Pretoria - Umama ohlala ePitoli othi waphambanelwa yingqondo ngenxa yemishanguzo ayithenga nokuyinto eyaholela ekutheni abulale amadodana akhe amabili ulahlwe yicala.

Ijaji uHans Fabricius weNkantolo eNkulu yaseGauteng, uthole lo wesimame enecala lokuhlela ukubulala.

Leli jaji lithi ubufakazi bakhe mayelana nokwenzeka bekuguquguquka nokuyinto ebingacacile kahle kanti nofakazi abayizingcweti bathi kukancane ukuthi lokhu ukwenziswe yimishanguzo ayiphuzile.

OLUNYE UDABA:Usola imishanguzo umama obhekene nawokubulala amadodana akhe amabili

Kuthiwa imishanguzo iyahlukana ngokwezigaba kanti lokhu kwenzelwe ukuze kubonakale eyingozi kakhulu.

URehithile Katlego Matjane, 34, wawaphika amacala okubulala u-Alvaro, 2, kanye noKeyondre, 6, ngomhlaka 17 Ephreli, 2015.

Zombili lezi zingane zatholakala zinamanxeba okudutshulwa ekhanda.

Lo mama akazange aphike ukuthi wadubula izingane zakhe ezazihleli kunyanyavu lwemoto yakhe eyayipake endaweni eyisikhotha ngaseHammanskraal, kubika iPretoria News.

Lo mama watshele inkantolo ukuthi usola imishanguzo ayithatha ezinsukwini ezimbili ezandulela usuku lwesigameko ukuthi iyona eyamenza waphithana ikhanda.

UReginah van Rooyen ohlala eduze nalapho kwabulawa khona lezi zingane, ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe, watshela inkantolo ukuthi wamangala ebona owesimame ewindini lakhe.

“Ngathi ngimubuza ukuthi ufunani wamemeza wathi ufuna inhlamvu. Ngamtshela ngathi anginayo inhlamvu wase ecela ummese ethi ufuna ukuzibulala. Angikwazanga ukumnika ummese kodwa wathi uzozibulalela kuthela wayeka u-N1 ogudla ngasemzini wami.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.