Limgojele umama owabulala izingane zakhe ezine

2016-07-20 19:01

Coburg – Owesifazane waseGermany ulahlwe yicala lokubulala izingane zakhe ezine ezazisanda kuzalwa, wase egixabezwa ngeminyaka engu-14 etholoza ezikhindini.

U-Andrea Goeppner, 45, ulahlwe yicala lokubulala lezi zingane ezine, izidumbu zazo ezatholakala zigoqwe ngamathawula zifakwe kucwazi ngonyaka owedlule.

Leli cala lishiye leliya lizwe libambe ongezansi ngesihluku salo mama.

Umyeni wakhe abengasahlali naye, uJohann Goeppner, 55, limthethile icala lokuhluleka ukunqanda ukubulawa kwalezi zingane okuthiwa zashona phakathi kuka-2003 no2013.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe iminyaka engu-60 owabulala izingane zakhe e-KZN

Abashushisi bebefuna u-Andrea anikezwe udilikajele.

Lo mama ekuqaleni wayebekwe amacala okubulala izingane eziyisishiyagalombili, kulandela ukutholakala kwezidumbu zazo emzini wakhe.

Nokho, abashushisi abakwazanga ukuveza ubufakazi bokuthi wazibulala nalezi ezinye izingane ezine, njengoba eyodwa kwatholakala ukuthi yabelethwa isishonile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.