Liphinde lahlehla icala elibhekene no-Arthur Mafokate

2018-04-18 14:00

Johannebsurg - Lihlehlisiwe icala elibhekene nenkakha yomculo weKwaito u-Arthur Mafokate namuhla (ngoLwesithathu).

UMafokate uvele eNkantolo yeMantshi yaseMidrand ngecala lokushaya owayeyintombi yakhe nayo engumculi uBusisiwe 'Cici' Thwala.

Lesi sihlabani sibhekene necala lokusha ngenhloso yokulimaza.

OLUNYE UDABA:U-Arthur Mafokate uliphikile abhekene nalo enkantolo

Isigameko esafaka uCici esibhedlela senzeka ngoJuni 2017.

UMafokate kusolwa ukuthi wahudula uCici ngemoto emgwaqeni ngesikhathi benxabana.

UMofokate naye wavulela uCici icala lokushaya.

UCici waliphika icala alivulelwa yilowo owabe eyisoka lakhe.

Icala lihlehliselwe umhlaka-11 Meyi.

 - The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.