Liphoxile igidangoma likaSomnandi licwile kwezikaFaro emcimbini kaZimdollar

2017-04-10 19:30

Durban - Ucasuke wahlulake nokuzibamba uThokozani "Somnandi" Langa eqeda kunandisa emcimbini kaZimiphi Zimdolla Biyela ekhaya kubo ngeSonto.

Lo mculi kamaskandi ubedinwe ngomunye wabadansi bakhe obelokhu entanta esiteji kungaqondakali kahle ukuthi uhamba ngamuphi ushuni.

Yize abantu bakuthakasele ukuba khona kukaSomnandi futhi eshaya izingoma ezithandwa kakhulu, udilike esiteji wathi ukushaywa wumoya ngaphambi kokuqondisa izigwegwe omunye wamagidangoma akhe.

Kulo mcimbi bekunandisa abaculi abashaya isicathamiya, kanye nomaskandi kukhona nezintandokazi ezingoBahubhe, Qhoshangokwenzakwakhe, bekhona nonontanda kubukwa abongMzimba okhala imali kanye nabahleli bemicimbi kaMaskandi.

Bekuvalwe ngomuntu emnyango njengoba igceke lonke beligwele, kwazise phela ukuthi bekukhona nabaculi abasuka koColenso abashaya isicathamiya bejabulisa umphakathi.

OLUNYE UDABA:Kushone igidangoma likaShwi noMtekhala

Udadewabo kaZimiphi uLindiwe Biyela, ubonge ukufika kwamakhosi abekhona ukuzokweseka le ntokazi, wabuye wabonga nomakhelwane abaphume ngobuningi babo ukuzojabula nabo.

“Udadewethu uthe angimubongeke kakhulu kubo bonke abantu abathe bafika ukuzomeseka. Sisebenze ngokukhulu ukuzimisela ukuqinisekisa ukuthi abantu bayadla futhi bayakuthokozela ukuba nathi la ekhaya,” kusho uLindiwe.

UKhathide "Tshathugodo" Ngobe, naye obekhona uze wahamba engungwe ngabalandeli bakhe bathatha izithombe naye bengaqedi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.