Liphume nobomvu – kusho i-MKMVA ngokusula kukaMakhosi Khoza

2017-09-21 18:00

Johannesburg – I-African National Congress ibingakaxhumani ngokusemthethweni noMakhosi Khoza mayelana nesimemezelo asenze ngoLwesine sokuthi useyayishiya le nhlangano.

UKhoza, obeyiLungu le-ANC ePhalamende, ngoLwesine utshele izintatheli esithangamini sabezindaba ukuthi “uyayishiya i-ANC, kepha hhayi izimiso zayo”.

Uthe akakholwa ukuthi le nhlangano yomzabalazo eneminyaka engu-105 yasungulwa, esolwa ngenkohlakalo, isengakwazi ukuphuma kule nkinga ekuyo yingakho ekhethe ukuthi khumu.

Kodwa i-ANC ithi ngeke ikwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba ibingakayitholi incwadi yokwesula ephuma kuKhoza.

"Asikwazi ukukhuluma ngalolu daba ngoba ngesikhathi ejoyina, wajoyina igatsha le-ANC.

OLUNYE UDABA: Useyilaxazile i-ANC uMakhosi Khoza

"Igatsha lakhe, isifunda sakhe, isifundazwe sakhe, okubalwa nehhovisi likasotswebhu kanye nekhokhasi ye-ANC ePhalamende bebengakayitholi incwadi yokwesula kwakhe,” kusho okhulumela i-ANC kuzwelonke uZizi Kodwa.

"Angeke sikwazi ukukhuluma ngabantu abesula ngokuthi bamemezele kwabezindaba, ekubeni bengazange bayijoyine kanjalo i-ANC,” kunanela uKodwa.

Kepha lowo onguSihlalo woMkhonto weSizwe Military Veterans' Association, uKebby Maphatsoe, uthe bekuvele kucacile kwasekuqaleni kwezinkinga zikaKhoza ukuthi usefuna ukuwushiya uKhongolose.

“Liphume nobomvu, kuhle futhi ngoba ukhethe ukushiya ngokwakhe,” kusho uMaphatsoe.

 

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.