Lisale enkundleni 'isela' ebelizama ukweba izimoto

2016-12-04 13:32

Johannesburg – Amaphoyisa ayilahle othulini indoda ekuthiwa ibizama ukweba izimoto ezintsha ceke zakwaFord, ihamba nabanye abantu abahlanu eGreenstone Mall, ezintatha ngeSonto.

Amaphoyisa athi lesi sigejane sihlule ngamandla unogada ubeqaphe kule ndawo sase singena ngaphakathi.

Abasolwa basebenzise i-grinder ukuvula i-safe bathatha okhiye bezimoto ezintsha ebezipakwe ngaphandle.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa abulale umsolwa ehostela KwaMashu

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubele uthe kube nempi yezulu lezandla ngesikhathi lesi sigejane sesiphuma kule ndawo okudayisa kuyo izimoto, zihamba nezimoto ezebiwe.

“Bathe sebephuma abasolwa bahlangana namaphoyisa, kwase kugagaziswana ngenhlamvu kwashona umsolwa oyedwa. Laba abanye abane babe sebekhalelwa amasongo kaSigonyela,” esho.

Omunye umsolwa ukwazile ukuphuma ngesamagundane.

“Siphenya icala lokuphanga,” kuphetha uMakhubela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.