Lisenkantolo elamakhosikazi asolana ngokubulala umyeni wawo ngoshevu

2017-02-14 07:31

Johannesburg - Ahlale obala amahlazo omndeni kaMbhishobhi uGayton Modise lapho umakoti omncane esola omdala ngokubulala umyeni wabo ngoshevu.

Lokhu kuvele enkantolo lapho unkosikazi omdala uMirriam Modise kanye nendodana yakhe uTshepiso befake isicelo sokuhlawulisa uPearl Tafu.

Ngokwamaphepha afakwe enkantolo, laba basola uTafu kanye nomunye wesimame ngokudicilela phansi igama likaMirriam ngokuthi wadlisa umyeni wabo ushevunokuyiwona owambulala.

OLUNYE UDABA:Umndeni ukhala ngamahlebezi esithembu sikaMeyiwa

UTshepiso ufuna inhlawulo kaR1 million kuTafu kanti nonina ufake isicelo esifanayo enkantolo iSouth Gauteng High Court ukuze kugezeke igama lakhe kanye nesithunzi sakhe.

Kulawa maphepha uMirriam ubuye waveza ukuthi umshado womyeni wakhe noTafu ubungekho emthethweni ngakhoke uTafu uzifanela "nomakhwapheni."

Yize kunjalo uTafu useqashe ummeli odumile uZola Majavu ukuba azommela kulolu daba, kubika iSunday World.

UTafu uthi umyeni wabo uModise wabiza umhlangano womndeni ngaphambi kokuba ashone nokuyilapho okwavela khona ukuba kukhona omthelela ushevu.

Lo nkosikazi uthi lezi zinsolo zifakazelwe abapheki balo mndeni ngemuva kokushona kukaModise. Laba bapheki baveza ukuthi uMirriam wayengenelela emabhodweni efaka ezakhe izithako.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.