Lisenkantolo iphoyisa elisolwa ngelokudlwengula intombazane,15

2018-03-13 11:00

Mahikeng - Inhlangano ephenya amacala enziwa ngamaphoyisa ikuqinisekisile ukuthi lizovela eNkantolo kaMantshi eMolopo iphoyisa elisolwa ngokudlwengula intombazane.

Leli phoyisa elineminyaka engu-30 ubudala, elisebenzela esiteshini saseBoshoek, laboshwa ngesonto eledlule ngecala okukholakala ukuthi lenzeka ngomhlaka-7 Febhuwari 2018.

Ngokwesitatimende esikhishwe nguMoses Dlamini, okhulumela abe-IPID, kuthiwa leli phoyisa lahlangana nale ntombazane ethaveni.

OLUNYE UDABA:Zilale zibaliwe iziboshwa ezinhlanu kweziyisithupha ezeqa ejele ngeSonto

"Umsolwa wazithengela yena kanye nale ntombazane utshwala. Wabe esengena emotweni yakhe nalesi sisulu bahamba, kodwa endleleni isisulu saphuma emotweni ihamba," kusho uDlamini.

Kuthiwa umsolwa wahlehla ngemoto wabuyisela le ntombazane emotweni waya nayo kwakhe lapho ayilalisa khona ubusuku bonke eyidlwengula ephindelela ngaphandle kwejazi lomkhwenyana.

UDlamini uthi le ntombazane yaze yadedelwa emini ngosuku olulandelayo.

Lesi sigameko sabikwelwa lolu phiko ngomhlaka-27 Febhuwari, umsolwa waboshwa ngomhlaka-8 Mashi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.