Lisenyakanyakeni ikhansela elishaye elinye

2018-02-27 14:01

eThekwini -  Livulelwe icala lokushaya ikhansela lesifazane elimele i-IFP kuMasipala waseJozini elishaye elinye emhlanganweni.

Kuthiwa leli khansela lithele ngolabhabha wempama ikhansela lesilisa le-EFF ngoLwesine olwedlule.

URoseMary Zulu obuye abe nguSihlalo wophiko lwabesifazane kwi-IFP esiyingini saseJozini kuthiwa ushaye uSphamandla Myeni kunomhlangano othathe izinsuku ezintathu.

Lo mhlangano ububanjelwe ehhotela eliseMtubatuba lapho ubuholi balo masipala bebucubungula amaqhinga okumele asetshenziswe ukuhlela izinto mayelana nesabelo sezimali.

OLUNYE UDABA:Azofungiswa namuhla amalungu amasha ePhalamende

Umthombo wephephandaba iLANGA obukhona emhlanganweni uthi ngoLwesihlanu omunye wabaholi ubesahlela ukuphendula uMyeni ngesikhathi uZulu obethukuthele egane unwabu ezwakala ethi "uthini lo mfana engithuka."

UMyeni uthi akaphindiselanga ngesikhathi uZulu emshaya ngoba uyabahlonipha abantu besimame yize emthele ngempama phambi kozakwabo abangamakhansela.

"Uqale wangikhomba ebuza ukuthi ngithini ngegama leNkatha. Okubuhlungu kakhulu wukuthi ebengezwanga nokuthi ngithini. 

"Kusuke isidumo bemubamba ngesikhathi engicindezela phansi ngekhanda," kusho uMyeni.

Uthi uvulele lo wesimame icala esiteshini samaphoyisa eMtubatuba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.