Lishaywe ngoswazi oluncane iSekela-Meya laseJozini

2016-11-14 13:30

Durban - Ligwetshwe yize belikhulekelwa enkantolo libizwa ngoNdabezitha, uMageba iSekela-Meya laseJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, uSiphamandla "Kiyogo" Mathenjwa, eligixabezwe iminyaka eyisihlanu elengisiwe noma likhokhe inhlawulo ka-R5 000 mayelana necala lokushaya, elokwehlisa isithunzi, elokudala udungunyane emphakathini nelokucekela impahla.

USiphamandla ugwetshwe ngoLwesihlanu yiNkantolo yeMantshi yaseNgwavuma enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal nabalandeli bakhe okunguSthembiso "Damara" Mathenjwa, uSiyabonga Mathenjwa, uNkosingiphile Mngomezulu noyedwa igama lakhe eligodliwe ngenxa yokuthi uneminyaka yobudala engaphansi kweli-18. 

Leli sekela-meya - elinqobe ukhetho ngokuzimela njengoba bekunokhetho lohulumeni basekhaya mhla zintathu kuNcwaba (August) nonyaka - nalaba eligwetshwe nabo, bagwetshelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza uMfu Mzweleni Moses Mathenjwa we-AFM Green Church, elokumehlisa isithunzi, elokudala udlame emphakathi nelokucekela impahla umuntu ngamunye.

Bashaye uMfu Mathenjwa waseManyiseni, eNgwavuma ngasekuqaleni kwalo nyaka ngoba bemsola ngokuqhuba intwala ngewisa nokubukela phansi isithunzi sabantwana basebukhosini bakwaMathenjwa.

Ngosuku ashaywe ngalo, bekunomhlangano omkhulu ekomkhulu lesizwe sakwaMathenjwa yena ematasa ngemoto yakhe ethutha amalunga omphakathi ewanxenxa ukuba ayokuba yingxenye yomhlangano we-African National Congress (ANC) njengoba ebeyophakanyiswa ukuba amele leli qembu okhethweni obelumhla zintathu kuNcwaba.

Ugcine engakwazanga ukumela inhlangano yakhe njengoba kuphoqe ukuba ashiye eManyiseni wayobhaca njengoba kubuye kwashiswa nesithabathaba somuzi wakhe nezimoto ezimbili.

USiphamandla nabalandeli bebeziqhululela amahlaya ngaphambi kokuba bagwetshwe.

Bebeklolodela uMfu Mathenjwa nabebehambisana naye, bethi kusizani ukumangalela abantu kodwa kusabuyelwa emphakathini waseManyiseni lapho khona kuzohlala kuhlanganwa khona.

"Ungaphila kanjani nomuntu wazi kahle ukuthi wakubophela into engekho, wakuthumelela izinkabi ukuba ziyoqeda ngempilo yakho? Cha boNdabezitha siyabuyela emuva emakhaya, kulapho kuzofanele ukuthi nithanda ningathandi nikwamukele ukuthi sisemandleni. Nangu umholi wethu, kudala namqala kodwa namuhla useyimeya," kukloloda uSiyabonga.

Uthe engakaligwinyi nje, kwangena uSphamandla.

Basukumile bonke abeseki bakhe bamkhulekela bethi Ndabezitha, Mageba iMeya yaseJozini. Noma esephuma bekuba yiso leso. Kuthathe isikhathi esingaphezulu kwamahora amabili imantshi, uMnu Steven Moodley iphumile, ibuye yangapholisanga maseko yavele yabizela abasolwa ebhokisini.

Ibeke izizathu zokuba bathole izigwebo ezilengisiwe. Ithe yingoba udaba lwabo lusukela ekungabonini ngasolinye ngesihlalo sobukhosi besizwe sakwaMathenjwa.

"Ngithole ukuthi udaba lwenu lusuka phezulu endlunkulu yobukhosi bakwaMathenjwa futhi kunokungaboni ngasolinye phakathi kwenu ngokwamaqembu ezombusazwe. Kuzofanele nithole lesi sigwebo seminyaka eyisihlanu ngoba nenze okuphambene nomthetho. Uma kwenzeka nephula umthetho kule minyaka eyisihlanu elengisiwe, niyogwetshwa kanzima," kusho imantshi.

UMfu Mathenjwa uthe uyasemukela isigwebo esitholwe ngabasolwa ngoba bamehlise isithunzi.

"Kanginandaba nalesi sigwebo abasitholile ngoba ngiyazi ukuthi abanye babo basazobuya bazoshushiswa ngamacala okushisa umuzi nezimoto zami ezimbili. Kulapho khona ngizodinga inkokhelo kumnyama kubomvu. Le mpahla yami abayicekelile ngiyisebenze iminyaka engaphezulu kweli-15 ngizabalaza, ekugcineni abantu sebezongishisela yona," kusho uMnu Mathenjwa.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.