Lishonile ikhehla eligwilize ku-swimming pool eVirgin Active eThekwini

2017-04-07 14:02

Durban - Kuvalwe indawo yokuzivocavoca, iVirgin Active eseMoses Mabhida, namuhla ekuseni kulandela isigameko sokugwiliza komuntu e-swimming pool yakuyo le ndawo.

Ngokomthombo weZindaba News24 isigameko senzeke ngezithuba zabo-05:30 ekuseni, le ndawo yavalwa yaze yavulwa ngezithuba zabo-09:00.

Lo mthombo uqhube ngokuthi amalungu azivocavoca kule ndawo athole imiqhafazo aziswa ukuthi indawo ivaliwe ngenxa yesehlakalo.

Omunye wabasebenzi bakule ndawo kuthiwa ubebonakala ebusweni ukuthi isigameko simhlukumezile njengoba ebehlengezela izinyembezi, kungakhulumeki.

OLUNYE UDABA: Kuminze indoda yashona e-swimming pool yaseRobben Island

Le ndawo yokuzivocavoca ibe isithumela eminye imiqhafazo yazisa amalungu awo ukuthi indawo isivuliwe ngezithuba zabo-09:00.

Okhulumela iVirgin Active, uLes Aupiais, ukuqinisekisile ukuthi kushone owesilisa oneminyaka ebalelwa kweko-70 ubudala kule ndawo yokuzivocavoca eseMoses Mabhida, eThekwini, namuhla ekuseni.

"Abasebenzi babe sebephuthuma beyosiza kanye nabezimo eziphuthuymayo ababili oyedwa wabo ongudokotela wenhliziyo, abebesendaweni yokuzivocavoca ngesikhathi sesigameko, kusalindwe abosizo lokuqala kodwa ngeshwa abakwazanga ukumhlenga," kuqhuba u-Aupiais esitatimendeni.

Ikilabhu ibe isivalwa ngokushesha kwathintwa ilungu lomndeni kamufi.

Umphathi wakwaVirgin Active nabasebenzi badlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani bakamufi baveza nokuthi bazoweseka umndeni ngakho konke okudingayo kulesi sikhathi esinzima.

Uthe uma kunesidingo, umndeni uzokwelulekwa ngokomqondo.

Image may contain: text

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.