Lisinde ngokulambisa ikhansela izigebengu zizama ukuduna imoto yalo

2016-04-28 08:15

Cape Town – Usuzette Little ubecabangela ukuvikeleka kwezingane zakhe ngesikhathi edutshulwa ngaphandle komuzi wakhe ePenlyn Estate izigebengu zizama ukuduna imoto yakhe.

ULittle uyikhansela lewadi lase-Athlone kanti futhi uyilunga le-mayco kwezokuthuthukiswa komphakathi kanye nezingane lesi sigame asihlangene nezombusazwe.

Ubehamba nomshayeli oqashwe idolobha laseKapa emhlanganweni womphakathi ngesikhathi ebona amadoda amathathu ngaphandle kwesango lakwakhe ebusuku.

“Ngithe ngiphuma emotweni ngabona amadoda amathathu egijima ewela umgwaqo. Ngivele ngabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngase ngimemeza umshayeli ngimtshela ukuthi naba bayeza,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa ikhansela le-ANC - Umbiko

Umshayeli uNuur Perrin uzwe ngesibhamu sesibekwe ekhanda, kodwa lezi zigebengu bezingazi ukuthi uPerrin naye uhlomile.

Ngemuva kokuhilizisana uPerrin uhoshe esakhe isibhamu nokuyilapho besekudedelwa inhlamvu kuphela, ngaphakathi emotweni abebezama ukuyiduna.

Amaphoyisa akuqinisekisile lokhu asho nokuthi kutholakale imoto yohlobo lwe-BMW igcwele izimbobo zezinhlamvu futhi kuphahlazeke namawindi.

“Ngenhlanhla akekho olimalile, kodwa izigebengu zikwazile ukweqa futhi siphansi phezulu siyazithungatha,” kusho uKaputeni FC Van Wyk okhulumela amaphoyisa.

-Cape Argus

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.