Lisobishini iphoyisa eleqe esitokisini

2018-03-29 07:29

Bulawayo - Lisobishini iphoyisa laseMbiza 16 eKwekwe ngemuva kwezinsolo zokweqa esitokisini esiteshini samaphoyisa eFairbridge kulandela ukuboshelwa icala elingadalulwanga.

UTafadzwa Mpofu, 27, uliphikile icala lokweqa esitokisini ngesikhathi evele ngaphambi kweMantshi yeNkantolo yaseBulawayo uFranklin Mkhwananzi ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA:Liphume phambili ecaleni iphoyisa eKZN

Inkantolo ilalele ukuthi uMpofu, owayeyilungu lamaphoyisa ophiko lweZimbabwe Republic Police ngomhlaka-27 Meyi  2015 ngezithuba zabo-19:00, wayevalelwe esitokisini eZRP Fairbridge kanye nezinye iziboshwa.

UClifford Chimuti oyiphoyisa elisebenzela e-ZRP Fairbridge nozakwabo u-Abigail Nyathi babehamba behlola ezitokisini ngezithuba zabo-03:00 bathola ukuthi uMpofu useqile.

UMpofu waboshwa ngemuva kwesikhashana wathweswa icala lokweqa esitokisini. 

Akucaci ukuthi wayeboshweleni ekuqaleni.

 - Bulawayo24

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.