#Listeriosis: Kumiswe eminye imikhiqizo

2018-03-18 10:59

Durban - Isitolo esikhulu esidayisa ukudla eNingizimu Afrika sesiphinde samemezela ukuthi sikhiphja eminye imikhiqizo okusolakala ukuthi ithwele igciwane i-Listeriosis monocytogenes.

NgoLwesihlanu iShoprite Group ikuqinisekisile ukuthi iyawakhipha emashalofini ezitolo zayo amaviyena (red vienna) akwa-Farmers Deli.

Lokhu kulandela ukuba ucwaningo luthokle ukuthi lokhona igciwane kulo mkhiqizo.

OLUNYE UDABA:INamibia 'isikhiphe yonke imikhiqizo eyamaniswa ne-listeriosis emashalofini' – Umbiko

Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni edlule kusuke indaba enkulu kuleli ngemuva kokuba abacwaningi be-National Institute for Communicable Diseases (NICD) beveze sebetholile ukuthi leli gciwane liqukethwe yimikhiqizo yenyama okubalwa kuyo upholoni, amaviyena, amasoseji nenyama edayisa eTiger Brands evela embonini yakwa-Enterprise esePolokwane.

Nokho iShoprite ithi leli gciwane elitholakale kulawa maviyena akwaFarmers Deli, aslifani nse naleli eliyamaniswa nokufa kwabantu i-Listeriosis ST6.

Le nkampani ithe abantu abebethenge le mkhiqizo bangayibuyisela ezitolo, bakhokhelwe imali yabo egcwele ngisho ngabe abasenabo ubufakazi (iziliphu). 

 - ILANGA LangeSonto

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.