#Listeriosis: Kushone owesilisa ngemuva kokudla ikhabe

2018-03-07 16:01

Sydney - Sekushone umuntu wesine ngemuva kokudla ikhabe eline-Listeria, kusho iziphathimandla zase-Australia ngoLwesithathu ngemuva kokuqubuka kwesifo esesithinte abantu abangu-17.

Lezi zigameko ziqale ukunakwa ngabezempilo ngenyanga edlule, njengoba sekutholakale nokuthi isifo sivela epulazini eliseNew South Wales (NSW).

"Sekushone abantu ababili eNSW nababili eVictoria," kusho abezempilo e-NSW beqhuba ngokuthi sekunezinye izigameko ezimbili esezibeke isibalo ku-17 kuzwelonke.

OLUNYE UDABA:Konke esikwaziyo okwamanje nge-listeriosis

UVicky Sheppeard, onguMqondisi wezifo ezithathelanayo eMnyangweni wezeMpilo e-NSW, uthe amakhabe analeli gciwane akhishiwe ezitolo ngomhlaka-28 Fabhuwari.

"Ngokujwayelekile cishe kushona umuntu oyedwa kwabathathu kulabo asebenesifo i-listeriosis njalo ngonyaka," esho.

INingizimu Afrika njengamanje ilwisana nokuqubuka kwalesi sifo, osekushone abantu abangu-180 ngenxa yaso.

Abantu abasengcuphezi yokuguliswa yilesi sifo ngabantu abadala, abesifazane abazithwele, abanesifo sikashukela noma esomdlavuza kanti izimpawu zaso zibandakanya ukuphathwa yisifo sohudo, ikhanda, umkhuhlane nobuhlungu bemisipha.


 - AFP

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.