Lithathe osemsamo lamubeka emnyango ezinguqukweni zoKhozi FM

2017-04-06 12:33

Durban - Lithathe osemsamo lamubeka emnyango, lathatha osemnyango lamubeka emsamo ezinguqukweni ezenzeke emsakazweni omkhulukazi uKhozi FM okukhona phakathi kwazo nabasakazi ebebengagqamile ezinhlweleni zikamasikandi nakwezinye, kubika iphephandaba ILANGA.

Kumangalise abalaleli abaningi ukufakwa kukaSbu Buthelezi owaziwa kakhulu ngokusakaza ezenkolo njengoba esezosakaza uhlelo lwasemini iNethezeka noKhozi FM ebambisene noNonhlanhla "Mroza" Buthelezi kanti uNkosinathi Mshengu selokhu kwathi nhlo usakazela izikhova ebusuku usenikezwe uSgiyangengoma ebambisene noBheka "Beekay" Mchunu.

Ugqemeke inkambabeyibuza uNgizwe "Zulu Chamer" Mchunu okhishwe kumasikandi wayosacazwa kolwakhe lwasebusuku okuyiSigqi sezwe olungena ngehora lesibili entathakusa phakathi nezinsuku.

Kuzothokozisa abalaleli abaningi ukuthi uSiya Mhlongo usezokuba nohlelo lwakhe olubizwa ngoMthombo wosindiso ekubeni kade esakaza amaqabuqabu.

Kuthiwa ukungaboni ngaso linye phakathi komphathi siteshi uMnu Bonga Mpanza noNgizwe yikhona okwenze ukuba ashaywe ngesithende ohlelweni ngenxa yezinsolo zokuthi usebenzise isiteshi ngezinhloso zokuqinisa ubudlelwane phakathi kwakhe nenkampani iMabala Noise.

Kuthiwa usebenzisa umsakazo ukulwa izimpi zakhe ngokusho kwabaphathi ngokulunywa indlebe.

UNgizwe uphenywa ngenxa yesikhangiso somcimbi weMabala Noise wokuhalalisela uMroza Fakude ngengoma yakhe eyanqamula unyaka ethi Elamanqamu siyobulala uVan Damme kanti nomphathi wezinhlelo uNkk Zandile Tembe naye uyaphenywa.

Kuthiwa iMabala Noise yona ithi beyinesivumelwano sokuthi umsakazo uKhozi FM luzosakaza kwaHlabisa enyakatho neKwaZulu-Natal emcimbini obuwenzelwe uMroza kanti umphathi siteshi kubikwa ukuthi ubengasazi leso sivumelwano.

OLUNYE UDABA: Iningi labantu alisamfundi uZuma - Ucwaningo

Umthombo weLANGA ukuthi izinxushunxushu zisuswe yiwona lo mcimbi nokuholele ekutheni kuqale uphenyo oluqhubekayo olusingethwe eGoli yithimba lakwa-South African Broadcasting Corporation(SABC).

Kuthiwa emuva kwalo mcimbi, umphathi siteshi wabiza umhlangano wabasakazi walibeka ngembaba elokuthi kukhona okushaya amanzi yingakho kumele kuphenywe kwelokuthi ayikho yini inkohlakalo kulolu daba.

"Isimo simuncu emsakazweni maningi amathuba wokuthi akhonjwe indlela uNgizwe ngenxa yokushabasheka kwakhe nenkampani iMabala Noise. Okufike kube kwanqingetshe ngukuthi akuvezwe isivumelwano esasayinwa sokuzibophezela komsakazo ngalo mcimbi ngoba abasakazi base bememezele kwelokuthi kuzosakazwa," kusho umthombo.

Ngakolunye uhlangothi uZama Ngcobo obesakaza uhlelo lwasekuseni iVuka Mzansi noSipho "Sgqemeza" Mbatha uveze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi useshiyile kulo msakazo kanti umphathi siteshi uMnu Bonga Mpanza ukuqinisekisile lokho.

Kuvela ukuthi ucasulwe elokuthi uyasuswa ohlelweni lwasekuseni usezosakazela ikhova. Kwenzeka lokhu nje ubevele enganambithiseki kubalaleli boKhozi bemsola ngolimi lwakhe olungaqoqekile.

USgqemeza usezosakaza yedwa ekuseni, uDudu "Lady D" Khoza akashintshwanga, UZimiphi "Zimdollar" Biyela uyaqhubeka neSibhukuda kwesimanzonzo, kube yiKhethelo loKhozi ngeMigqibelo, ezamabandla ngeSonto.

Kwenzeka lokhu nje nasesiteshini uMhlobo wenene FM kusule isilomo somsakazi wakhona uPutco Mafani obesakaza uhlelo lwasekuseni nokuyinto okuthiwa uhlukumeze kakhulu umphathi siteshi uMnu Phumzile Mnci nakuba kungakamenyezelwa njengoba ezakhona izinguquko kulindeleke ukuba zenziwe ekupheleni kukaNhlaba(May).

Lezi nguquko kulindeleke ukuthi ziqale mhlaka-17 kwephezulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.