Lithi aliqondile abakwaZuma ibhange ‘elisabise’ ngokuvala i-account kankosikazi kaMengameli

2017-06-12 16:00

Johannesburg – Elinye lamabhange amakhulu kuleli, u-ABSA, ususabise ngokuvala i-account yasebhange kankosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uTobeka Madiba-Zuma, ngenxa yezizumbulu zemali ezisolisayo ezilokhu zingena kuyona.  

Lokhu kuvele embikweni weSunday Times, nophinde waveza nokuthi leli bhange lifuna ukuthi uMadiba-Zuma achaze kabanzi ngalezi zimali ezinkulu ezilokhu zingena zingenile kwi-account yakhe.

Ngaphambilini leli bhange lavala ama-account ezinkampani zomndeni wakwaGupta ngoFebhuwari 2016. Ngokwesitatimende esifungelwe esafakwa u-ABSA ngoDisemba 2016, leli bhange belilokhu libuyekeza izinkampani ezingena ngaphansi kwencazelo yabantu abasondelene nepolitiki, ngokokulawula kwe-Financial Intelligence Centre (FIC).

Ngaphambilini iSouth African Reserve Bank (SARB) yahlawulisa u-ABSA u-R10m ngonyaka ka-2016 ngokuba ntekenteke kwaleli bhange ekulawuleni okuphathelene nokuthi libheke ngeso lokhozi izimali ezingenayo neziphumayo.

OLUNYE UDABA: #GuptaLeaks: 'AmaGupta' ahlela ukuthenga amaphephandaba amakhulu kuleli

Umbiko weSunday Times uphinde uveze nokuthi ama-account endodana kaMengameli, uDuduzane Zuma, avalwa, nokwaholela ekutheni azincengele ku-Maria Ramos, oyiChief Executive, ukuze amsize.

U-ABSA uphendulile esicelweni seFin24 sokuba uphawule. Okhulumela leli bhange uthe angeke akwazi ukukhuluma ngalolu daba oluthinta unkosikazi kaMengameli Jacob Zuma kanye nendodana yakhe ngenxa yokuthi kuyimfihlo.

“Ikilayenti kuphela elingadalula ukuthi libhanga nobani,” okhulumela leli bhange usho kanjalo.

Umkhulumeli waleli bhange uthe leli bhange alisabisi ukuvala ama-account amakilayenti, kodwa liyawazisa amakhasimende ngesinqumo sokuthi i-account izovalwa.

“Futhi asiphumi iqhubu nomndeni wakaZuma njengoba udaba lubeka kanjalo. Asiphumi iqhubu namakhasimende,” kusho lo mkhulumeli engeza ngokuthi bona balawulwa imigomo kanye nomthetho wokusebenza kwamabhange. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.