Litholakale limanxebanxeba iphoyisa eligwazwe lalaxazwa eceleni komgwaqo

2017-10-17 07:02

eMzinto - Ukusebenza ngokubambisana kwamaphoyisa aseSawoti, uphiko lwabaseshi, abeMzinto Task Team kanye nophiko lwe-K9 eMzinto, kuholele ekutheni kubanjwe abasolwa ababili.

Laba basolwa batholakale nomakhalekhukhwini wephoyisa elibulewe kanye nethoshi lalo lomsebenzi.

Amaphoyisa abuye athola nezimpahla ebezigcwele igazi okukholakala ukuthi bezigqokwe ngababulali.

Laba basolwa bagqunywe esitokisini njengoba kulindeleke ukuba bavele ngoLwesithathu eNkantolo yeMantshi yaseMzinto ngecala lokubulala kanye nokuphanga.

OLUNYE UDABA:Kubulawe iphoyisa lase-KZN ngomkhonto

Kuthiwa imoto yohlobo lweChev Aveo okungekaWarrant Officer Thulani Nicholus Mkhize, 50, osebenzela esiteshini saseSawoti itholakale ilaxazwe kuR612 eXobho.

Le moto ibipake endaweni engafanele kulo mgwaqo ibheke izimoto ezizayo. Isidumbu sikaMkhize sitholakale ehlathini buqamamana nalopho obekupakwe khona imoto, sinamanxeba okugwazwa.

Ubemanxebanxeba ekhanda, entanyeni kanye nasebusweni. UMkhize ubehlala ngaphakathi emsebenzini kanti ubengasebenzi ngesikhathi sokuhlaselwa kwakhe.

Okwamanje ayikacaci imbangela yokuhlaselwa kwakhe kanti abasolwa ababanjiwe baneminyaka ephakathi kuka-27 no-28 ubudala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.