Lithole ibheyili ikhansela le-ANC elibhekene necala lokuzama ukubulala

2017-08-30 14:01

eNkomazi -Sisemanzonzo isimo endaweni yaseMiddleplass lapho ikhansela lidubule khona umfundi kubhikisha umphakathi.

Leli khansela le-ANC elidubule lalimaza umfundi oneminyaka engu-16 ubudala kulo mbhikisho, eMiddleplass, eDriekoppies lithole ibheyili ka-R1 500.

UJustice Siboza, 55, ubhekene necala lokuzama ukubulala kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-28 Septhemba lapho ezovela khona eNkantolo yesiFunda yaseBoschfontein.

OLUNYE UDABA:Ikhansela lisolwa ngokudubula umfundi kunombhikisho

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iMpumalanga News, kumiswe ukufunda ezikoleni ezintathu ezikule ndawo njengoba umphakathi uqhubeka nombhikisho.

Lo mphakathi uthi ngeke uhlehlele emuva kuze kube wukuthi izikhalazo zabo ziyezwakala.

Lo mphakathi ukhala ngengqalasizinda engahlelekile kanye nokwentuleka kwezinsiza zokuthuthwa kwendle esikoleni iMpumelelo Primary School.

Bathi bafuna okufanayo naseFundzekhaya Primary kanye nasePhakamani Primary School njengoba kuvalwe ukufunda nakhona.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.