Livelile enkantolo iphoyisa laKwaMashu ngelokuzama ukuthumba

2018-03-06 10:59

eThekwini - Lihlehliselwe umhlaka-12 kwephezulu icala lephoyisa laKwaMashu elibhekene necala lokuzama ukuthumba.

Umthombo osondelene nalolu daba uthi kunephoyisa elibone isigameko lapho abasolwa abathathu behlasela owesifazane ngoLwesihlanu emini. 

Kuthiwa laba basolwa bahlasele owesimame bazama ukumfaka emotweni endaweni yaseNew Germany, ngaphandle kwasePinetown.

Leli phoyisa lingene emotweni yalo lalandela laba basolwa nokuyilapho abasolwa bavulele khona ngenhlamvu bebhekise kulo leli phoyisa.

Kuqale lapho ukudubulana, kubika iNewswatch.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke livele enkantolo iphoyisa elisolwa ngokubulala umndeni

Kulesi sigameko kudutshulwe kwabulawa isigebengu esidume ngelika-Sosege, omunye umsolwa ubaleke wangena ehlathini kwasala oyedwa okukholakala ukuthi yiphoyisa elisebenzela KwaMashu.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala ukuqinisekisile lokhu wathi: “Kuthiwa ngoLwesihlanu ngo-17:30 owesifazane, 28, ubehamba emgwaqeni uDinkelman ngesikhathi kuma imoto yahlobo lweHyundai esiliva ngombala.

“Le moto ibilayishe abantu abathathu abakhombe lo wesifazane ngesibhamu bamphoqa ukuba angene emotweni bamphuca umakhalekhukhwini.”

UGwala uthi lo wesifazane ukwazile ukuvula isicabha semoto, waphunyuka kanjalo. Uthi leli phoyisa elizame ukulekelela lijahe abasolwa abebebheke eClermont nokuyilapho kuqale khona ukudubulana.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.