Livelile isosha elabulala oyedwa lalimaza abathathu eNanda

2017-02-06 19:29

Durban – Isosha elisolwa ngokubulala uThembinkosi American Ngcobo livele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma namuhla ekuseni.

Leli sosha elineminyaka engu-26 ubudala ebeliswenke liconsa, libonakale libingelela abantu abebeyothamela icala, kukhona namalungu omndeni walo obuzoleseka.

OLUNYE UDABA: Lizinikele emaphoyiseni isosha elaqotha abantu ngenhlamvu eNtuzuma

UNgcobo ubegcinwe egumbini lakhe yedwa esitokisini njengokwesicelo sikammeli wakhe uSizwe Cele.

Kulindeleke ukuba aphinde avele ngesonto elizayo eseyofaka isicelo sebheyili.

Umshushisi uStan Miloszewski uthe ngeSonto uMbuso uzoyiphikisa ibheyili.

UNgcobo oyilungu lamasosha ophiko i-8South Africa Infantry Battalion (8 SAI) e-Upington, eNorthern Cape, usolwa ngokudubula abulale owesifazane nokulimaza abantu abathathu ngesikhathi efuna intombi yakhe.

UNgcobo usolwa ngokubulala uNokwanda Mbambo, 22, walimaza uNonzuzo Mbambo, 32, ngesikhathi efika kubo kantombi ingekho, kubika ILANGA.

Ngemuva kwesigameko wabe esenyamalala waze waqhamuka ngoLwesine ebusuku esezinikela emaphoyiseni aseNanda.

 - The Mercury

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.