Livulelwe icala lokushaya owesifazane iPhini likaNgqongqoshe

2017-08-07 09:34

Johannesburg – IPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana lisobishini kulandela izinsolo zokushaya abesifazane ababili endaweni yobumnandi eGoli.

Engxoxweni kamakhalekhukhwini eqoshiwe nebiphakathi kukaManana nomfowabo wesisulu efakwe enkundleni yezokuxhumana, iphini likangqongqoshe lizwakala lisivuma isigameko okuthiwa senzeke eCubana eFourways ngeSonto ekuseni.

Kukholakala ukuthi uMandisa Duma nomngani wakhe baxabana noManana kanye nabangani bakhe ngemuva kokuphikisana.

UDuma uthi uManana wadinwa ngesikhathi bengavumelani naye ngokuthi ngubani okumele angene esikhundleni sikaMengameli Jacob Zuma ngoDisemba.

OLUNYE UDABA: Babuyela enkantolo 'ababulala umfana oweba i-sunflower'

Engxoxweni eqoshiwe, uManana uzwakala evuma ukuthi wamshaya ngempama owesifazane.

“Kunjalo, ngimshayile ngempama.”

Umfowabo kaDuma uqhubekile wambuza ukuthi angamshaya kanjani umuntu wesifazane ngenyanga yabo.

Ihhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula likuqinisekisile ukuthi uManana uvulelwe icala lokushaya owesifazane ngempelasonto.  

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.