Liyakhula ibhizinisi lomculo weGqom

2018-04-23 11:03

Durban - Basazophela ukudliwa abakhiqizi nabadidiyeli bomculo oshisa izikhotha kulezi zinsuku igqom uma bengafuni ukuvula amehlo nezindlebe njengoba lo mculo usuphenduke intandokazi nakwamanye amazwe omhlaba.

Ugeqe amagula uZakhele Madida, odume ngelikaZakes Bantwini, exwayisa futhi ethiphisa abakhiqizi balo mculo, abebebuthene eMoses Mabhida Stadium ngoLwesine emini engqungqutheleni ethathe izinsuku ezimbili njengoba iqale ngoLwesithathu.

Utshele izethameli emehlweni ukuthi njengoba bona bengosomabhizinisi abangakwazi ukucula noma ukukhiqiza lo mculo ngeke bayeke ukubasebenzisa laba uma beza kubona ngoba lo mculo usuyibhizinisi elikhulu.

UZakes ubayale ngezinto eziningi ezithinta izinkontileka ngokwehlukana kwazo, umsebenzi jikelele kule mboni kusukela ekubhaleni, ekukhiqizeni, ekuphathweni kwabaculi nokunye okuningi.

OLUNYE UDABA:UBabes Wodumo 'webe' umcimbi

UZakes uke waba yisikhulu esihlonishwayo kwaSony Music futhi unenkampani yakhe, iMayonie Produxctions egqame kakhulu isengamele umsebenzi kaLvovo Derrango. Akazange ahlonize ukuthi iqgomu liya phambili. Kuvele kuyo futhi le ngqungquthela ukuthi isungulwe nguye uZakes, nguDJ Sox noDJ Tira.

Lokhu kuvezwe nguSox othe bobathathu bavumelana ngokuba basungule lesi sigcawu ukuze balekelele le genge efikayo njengoba kuyinto eyaziwayo ukuthi iningi lasebegqamile kulo mculo liwenzela emakamelweni nje.

"Igqom lizalwa eThekwini, eNingizimu Afrika ngakho-ke nabantu baphesheya kumele bazi ukuthi kumele kuqalwe la uma kuqashwa abantu. Lesi sigcawu sisisungulele ukuba nina enisilandelayo ningangeni ezikhinsini esingene kuzo thina phambilini," kusho uDJ Sox ngaphambi kokudedela uZakes okuthe zisuka nje wacacisa ukuthi kuziwe ngemali laphayana, yibhizinisi leli.

"Ngingene kule nto ngoba ngiyabona isiyayenza imali, ngizonisayina futhi nginimeneje, kangidlali ngalokho. Ngizochaza kafushane ngokuhlukahlukana kwezinhlobo zama-deal asayinwayo kule mboni kodwa ngizoba mfishane ukuze ningadideki, okunye nizothola ithuba lokukwazi uma sekuyisikhathi semibuzo.

"Okumele nikwazi wukuthi njengoba sonke sila yingoba kasiqashiwe, le mboni inayo imali kodwa inzima. Kumele niyihlakaniphele iimali ngoba uma ungumculi namuhla uyabanda, kusasa uyashisa. Niyitshale imali futhi niyitshale ezindaweni ezizonizuzisa," usho kanje kwaqhuma ihlombe.

Akagcinanga lapho njengoba ehlaziye okuningi okwenzeka kusukela phansi kumculi engakaqophi kuze kube sekugcineeni sekuvunwa izithelo, sekwabelwana ngenzuzo.

Yinqwaba yezikhulumi nezikhungo ezisebenza nezifundisa umculo ezibe yingxenye yale ngqungquthela. NgoMgqibelo bekunekhonsathi lokuqala lalo mculo ePavillion Shopping Centre elibizwa ngeGqom In Concert  nebelobophele inqwaba yabaculi.

 - ILANGA LangeSonto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Code 8 Driver PDP

Mosselbaai
Calandria Labour Consultants

Head of Marketing

Somerset West
Africa Experience Collection (PTY) LTD
R40 000.00 - R70 000.00 Per Month

Restaurant Manager

Western Cape
Globe Recruitment
R30 000.00 Per Month Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.