Liyaqhubeka elowatholakala nezitho zangasese efrijini

2017-08-21 11:02

Bloemfontein – Kulindeleke kuqhubeke ukuthethwa kwecala lowesilisa waseDenmark, uPeter Frederiksen, okuthiwa kwatholakala izitho zangasese zabesifazane efrijini lakhe, emzini wakhe oseBloemfontein.

Lona wesilisa ubhekene namacala ehlukene, okubalwa kuwona ukutholakala nezithombe zocansi lwezingane, ukushushumbisa abantu, ukudlwengula kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.

UPeter Frederiksen wayeziphuzela iwayini emzini wakhe eBloemfontein ngesikhathi oKlebe bengena bethola izitho zangasese zabesifazane efrijini lakhe.

OLUNYE UDABA: Kucelwa usizo ngabasolwa ngokudlwengula amagibela amatekisi

Ngokusho kuka-Warrant Officer Linda Steyn ngesikhathi ethula ubufakazi ngeledlule, uFrederiksen wabatshela ukuthi yizindodo noma imiklomelo yakhe izitho zangasese.

OKlebe baphinde bashaqa amakhamera anezithombe kanye nama-video, kanjalo nebhuku elinemininingwane ngokuthi zonke lezi zinto wayezenza nini.

NgoLwesihlanu enkantolo kudlalwe i-video eveza uFrederiksen esika isitho sangasese sowesifazane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.