Liyaqulwa elabasolwa ngokubulala umfana 'oweba imbali'

2018-03-19 09:31

Rustenburg - Ukuqulwa kwecala lamadoda amabili asebenza epulazini eliseNorth West asolwa ngokubulala ibhungu eColigny kuyaqhubeka eNkantolo eNkulu yaseNorth West eMafikeng namuhla (ngoMsombuluko).

UPieter Doorwaard, 26, noPhillip Schutte, 34, babhekene necala lokubulala, ukusabisa, ukuthumba, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, ukweba, nokukhomba ngesibhamu.

Umbuso usola ukuthi laba bobabili babulala uMatlhomola Jonas Mosweu, 16, ngomhlaka-20 Ephreli ngonyaka odlule emjondolo yaseScotland eColigny ngemuva kokumsola ngokweba imbali (sunflower) emasimini omqashi wabo.

OLUNYE UDABA:Angibethembi abelungu - Owafelwa yindodana

Owazibobnela isigameko, watshela amaphoyisa ukuthi uMosweu wakhishwa evenini lihamba. Washonela endleleni ebheke esibhelela.

Umbuso ube usuthweswa la basowla ngamacala okusabisa, ukuthumba nokweba amaselula amabili womunye bofakazi abaqavile. Waphinde wasatshiswa ngesibhamu.

Ukushona kukaMosweu kwasusa uthuthuva umphakathi wahlukana phakathi.

Kwashiswa imizi engu-6 kwangqongqiswa namaloli amathathu kwatatshwa impahla ezitolo kulandela ukushona kukaMosweu.


 - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.