Lizame ukuzibulala ikhehla elidubule umfana licabanga ukuthi yinkawu

2017-03-08 14:02

Durban - Ikhehla elineminyaka engu-87 ubudala elidubule labulala umfana wakwamakhelwane limfanisa nenkawu, lizame ukuzibulala ngemuva kwalesi sigameko.

UBongumusa Duma, 12, wasendaweni yakwaMahlathini ushone ngemuva kokudutshulwa ngeSonto ebusuku esesihlahleni.

Ukhulu wakhe uFuwelaphi Dyma utshele abephephandaba iMercury ukuthi umakhelwane wakhe uPhelamandla Myeza ufike kwakhe ezobika ngalesi sigameko ekhala mi izinyembezi.

"Wafike wathi useyibulele ingane kaZandile, wayekhala ephethe isibhamu esebeke ekhanda lakhe," kusho lesi salukazi.

OLUNYE UDABA:Ishonile ingane edutshulwe ifaniswa nenkawu

Lo gogo uthe kwaze kwasiza umzukulu wakhe uMandla okunguyena ophuce uMyeza isibhamu.

Uqhuba ngokuthi ubengakuqondisisi obekushiwo yileli khehla ngokuthi libulale ingane kaZandile.

Lesi salukazi sithi silandele leli khehla baya ensimini nokuyilapho ethole khona isidumbu sikaBongumusa sidindilizile phansi kwesihlahla.

"Kwavele kwaxega amadolo ngibona isidumbu sakhe."

Umama wengane eshonile uZandile, ongumzukulu kaFuwelaphi, uhlala eThekwini kanti kuthiwa wangeniswa esibhedlela kulandela ukuzwa izindaba zokushona kwendodana yakhe.

Omunye umakhelwane ongafunanga igama lakhe lidalulwe uthe omakhelwane bebethume uBongumusa nomunye umfana ukuba bayoxosha izinkawu ensimini kanye nasesihlahleni sezithelo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.