Lizidubule iphoyisa elibulale abathathu eMpumalanga

2017-02-06 16:02

Johannesburg - Lisolwa ngokubulala abantu abathathu ngempelasonto iphoyisa laseVosman eWitbank, eMpumalanga, kubika iWitbank News.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa esifundazwe uBrigadier Leonard Hlathi, uthe leli phoyisa lidubule abantu abahlanu ekuseni ngovivi ngeSonto, ngomhlaka-5 Febhuwari ngaphambi kokuzidubula lona.

Kubikwa ukuthi izisulu ezimbili zisesimeni esibucayi esibhedlela.

"Isigameko siyaphenywa," kusho uBrigadier Hlathi.

OLUNYE UDABA: 'Lizibulele' iphoyisa ebelifunwa eKZN

UHlathi ube esecela wonke amaphoyisa ukuba aziphathe ngokucophelela izibhamu zawo.

"Izibhamu ngezokuba amaphoyisa azivikele ngazo aphinde avikele nomphakathi. Akusizo ezokuziphindiselal uma ngabe kukhona okade uxabene naye."

Lesi sigameko sokudubula senzeke eVlaklaagte, eKwaggafontein.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.