Lizinikele emaphoyiseni iphoyisa elisolwa ngokubulala umkalo

2016-08-08 17:31

Johannesburg – Iphoyisa elisolwa ngokudubula umkalo amahlandla angu-14 selizinikele emaphoyiseni ngemuva kokuzama ‘ukucasha’  KwaZulu-Natal.

Iphoyisa elisebenza eGermiston kuthiwa liye emzini kadadewabo wenkosikazi yakhe abengasahlali nayo ngoMgqibelo ebusuku- eVosloorus, ehlome ngesibhamu somsebenzi kanye nese-R5.

Ngokusho kokhulumela i-Independent Police Investigative Directorate uRobbie Raburabu, ngesikhathi efika umsolwa, umkakhe ubeyongena emotweni yakhe.

“Uzamile ukumziba wangena emotweni wavala isicabha kodwa umsolwa wamdubula. Umemezile, wazama ukubalekela endlini kodwa wawela phansi. Ubesemdubula amahlandla angu-14 washonela khona lapho,” kusho uRaburabu.

Funda nalolu daba: Kugwazwe owe-ANc ePinetown

“Kuthiwa lezi zithandani besekuphele izinyanga ezimbili zingasahlali ndawonye kanti besezilungiselela ukudivosa.”

Umsolwa ubaleke ngemoto yomsebenzi kanti bekukholakala ukuthi ubelibhekise ngakubo eKZN.

Ngabo-06.30 ngeSonto ebusuku uhlangane nozakwabo endaweni engaziwa ku-N3, wabeseboshwa, kubika iThe Star.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.