Lizinikele emaphoyiseni isosha elaqotha abantu ngenhlamvu eNtuzuma

2017-02-03 07:00

Durban - Isosha elisebenza ngaphansi kophiko i- 8South Africa Infantry Battalion esebenzela endaweni yase-Upington uzinikezele emasosheni endaweni yaseNanda.

Ngokusho kukaBrigadier General Mafi Mgobhozi okhulumela abe-SANDF, leli sosha kwakumele lingene emsebenzini ngoMsombuluko kodwa lathatha isibhamu salo somsebenzi i-R4 sanyamalala emsebenzini.

Ngosuku olulandelayo, kuvele imibiko yokuthi lidubule intombi kanye nomngani, kwkathi ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi empeleni libulale udadewabo kantombi nomngani, lalimaza omunye wesimame kanye nephoyisa.

OLUNYE UDABA:Isosha lidubule labulala iphoyisa ngemuva kokudubula libulale intombi - eThekwini

Kuthiwa leli sosha lasuka emsebenzini lilibangise eNtuzuma ngemuva kokuzwa imibiko yokuthi intombi engumama wengane yalo enezinyanga ezimbili, isiqomile.

Intombi kuthiwa yabalaka ngemuva kokuzwa ngesigameko sokudutshulwa kukadadewabo.

Ngemuva kwalesi sigameko, amaphoyisa kanye nabe-SANDF basungula ithimba okuyilona ebelithungatha leli sosha, kodwa kalizange liphumelela.

Kuthiwa leli sosha liqale laxhumana nommeli walo okunguyena otshele amaphoyisa ukuthi lizozinikela ngokwalo.

Kulindeleke ukuba leli sosha livele enkantolo ngesonto elizayo, kubika iCitizen.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.