Lizolahlekelwa u-R40m idolobha ngokungabikho kukagesi

2017-09-08 13:59

Johannesburg – Ingxenye enkulu yedolobha iGoli kuzoze kube uLwesithathu oluzayo ingenawo ugesi, ngokusho kwezikhulu.

Ibalelwa kwengu-20 imigwaqo esale ingenawo ugesi ngenxa yezigebengu ezingene lapho kuhamba khona izintambo zikagesi ngempelasonto, zeba ezinye zazo zaphinde zashisa ezinye.

Iziphathimandla zithi ukungabikho kukagesi kungase kudle idolobha imali engalinganiselwa ku-R40 million ukulungisa umonakalo.

Kulabo abanamabhizinisi, kube yiviki elinzima kakhulu kubona.  Iningi labo kudingeka lisebenzise ama-generator, kanti futhi sesiyehla nesibalo samakhasimende.

“Siphuma ekupheleni kwenyanga, kusayisonto lokuqala kuSepthemba, lesi siyisikhathi esidayisa ngaso kakhulu…ngakho siyalimala impela," kusho uVictor Masia, onebhizinisi.

OLUNYE UDABA: UMotsoeneng uzokhokha izindleko zecala lezintatheli

"Ngisho befika abantu, abanayo imali ewukheshi futhi nemishini yethu yokukhokha ngamakhadi ayisebenzi. Uma befuna ukukhokha ngokheshi abakwazi ngoba nama-ATM awasebenzi.”

Izikhulu zicele izakhamuzi ukuba zibekezele, zithi zisebenza ubusuku nemini ukulungisa umonakalo.

Okhulumela iCity Power uLouis Pieterse uthi umsebenzi wokukhanda ungase uphothulwe ngesonto elizayo, ngoLwesibili noma ngoLwesithathu. Kodwa kwezinye izindawo ugesi uzoqala ukukhanya ngoMgqibelo.

Amaphoyisa asebophe abasolwa abangu-22 ngokwebiwa kwezintambo zikagesi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.