Lizophothulwa ngoMashi elibhekene nelungu eliphezulu le-ANC

2017-01-28 08:20

Cape Town – Sizokwethulwa ezinyangeni ezimbili isinqumo ecaleni elibhekene nelungu lesigungu esiphezulu ku-African National Congress, uTony Yengeni.

Izingxoxo zokuphothula leli cala zilalelwe eNkantolo yoMphakathi eKapa ngoLwesihlanu, sekuphele iminyaka emithathu nesigamu uYengeni aboshwa eGreen Point.

Kusolakala ukuthi wayehamba budedengu emgwaqeni ngonyanyavu iMaserati, ebundlonyile.

Isinqumo kuleli cala sizokwethulwa ngomhlaka-17 Mashi.

UYengeni wethula ubufakazi ngaphambilini wathi waphuza amathamu amathathu kuphela omqombothi ngalelo langa.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elibhekene noTony Yengeni

Uthi wayesemcimbini womndeni eGugulethu, kanti akukho okunye okuwutshwala akuphuza.

UYengeni uthi kwakungekhona okokuqala ephuza umqombothi futhi wawungakaze umnikeze inkinga ngoba izinga lotshwala alikho phezulu kuwo.

Wake waveza ngaphambilini ukuthi kukhona abambophela amaqina enyathi ngaleli cala abhekene nalo.

Kwesinye isigameko ngo-2007, uYengeni walahlwa yicala lokushayela edle amanzi amponjwana ngemuva kokuboshwa eGoodwood, eKapa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.