Lizoqhaqhazelisa amazinyo eGauteng

2017-06-08 16:00

Johannesburg - Izangoma zezulu zixwayisa izikhamuzi zaseGauteng ngamakhaza ashubisa umkantsha ngalobu busuku.

UMbhavi Maleage, osebenza njengesangoma sezulu, utshele abephephandaba i-The Citizen ukuthi yize isiphepho sisesifundazweni saseWestern Cape, kukhona nezinye izifundazwe ezizothola amachaphazela amakhaza.

"Yebo akujwalekile ukuthi kube nesiphepho kulesi sifundazwe kodwa kuvame ukuthi linethe kakhulu ebusika. Lesi siphepho sidale omkhulu umonakalo njengoba kubikwe ukuthi kunezakhiwo ezilimele futhi kunabantu asebeshonile.

UMaleage uthi ngoLwesine ekuseni likhithikile ezindaweni eziningi esifundazweni saseWestern Cape nokuyisimo esizokhuphula amazinga okubanda ezifundazweni ezimaphakathi nezwe.

Izakhamuzi zaseGauteng kanye nakwezinye izindawo ezimaphakathi nezwe kumele zizihlinzeke ngezinsiza ezizozigcina zifudumele njengoba ezoqina amakhaza ikakhulukazi ngoLwesine ebusuku.

OLUNYE UDABA:Kuxwayiswa ngamakhaza ashubisa umnkantsha kule mpelasonto

Idolobha laseVereeniging linamazinga aphansi okushisa angu-2°C, kanti amakhulu azokuba ngu-11°C.

Edolobheni laseGoli amazinga aphansi okushisa azokuba ngu-0°C, kanti amakhulu wona azohlala ku-12°C.

Izangomo zezulu zithi kuzolala isithwathwa ezindaweni eziningi nokuyinto ezokwenza kube makhaza kakhulu ezindaweni eziseningizimu nesifundazwe saseGauteng.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.