Lizoqulwa kusasa elababanjwa bedayisa ikhanda lomuntu

2017-05-30 19:31

Johannesburg - Icala elibhekene namadoda amabili asolwa ngokuzama ukudayisa ikhanda lomuntu lizoqulwa kusasa (ngoLwesithathu).

Icala elibhekene no-Edward Raatjie, 51, noStanley Mohlake, 25, bekufanele liqale ukuqulwa izolo (ngoMsombuluko) kodwa iJaji leNkantolo eNkulu yaseLimpopo uMatsoro Semenye likuhlehlisile ukuqulwa kwalo ngoba ummeli kaRaatji ubengekho enkantolo.

La madoda womabili abanjwa maphakathi nedolobha ePolokwane, eLimpopo, ngonyaka odlule ezama ukudayisela usomabhizinisi ikhanda lomuntu.

OLUNYE UDABA: Zibakhalele ababanjwe bedayisa ngekhanda lomuntu eThekwini

Leli khanda elalidayisa ngelikaNthabiseng Mosomane, 17, waseMapela Village, ngaphandle kwaseMokopane.

Ngemuva kwalesi sigameko esihlasimulisa umzimba, isidumbu sikaMosomane satholwa sishile ngaphansi kwebhulohwe khona kulesi sigodi. Isisulu sasihlala budebuduze nalapho okwakuhlala khona abasolwa.

URaatji uthe isizathu sokungafiki kommeli wakhe enkantolo yingoba ubemelwe wummeli wamahhala, asemlaxazile ngoba manje ngoba efuna ukumelwa wummeli wakhe.

IJaji Semenye licele imininingwane yommeli wakhe omusha ukuze ezoqinisekisa ukuthi umsolwa uzomelwa nguye ngempela yini.

Umama kaMosomane, uPhylistus, 45, utshele iDaily Sun ukuthi: "Umndeni uzothola ukuthula uma abasolwa sebegixabezwe ngodilikajele. Indodakazi yami yabulawa ngesihluku, ngifuna babolele ejele."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.