Lizoqulwa ngo-Agasti elikababa osolwa ngokubulala amawele akhe

2018-03-23 14:03

Cape Town - Udokotela wamazinyo odabuka eSpain usolwa ngokubulala izingane zakhe azingamawele, uzoshushiswa ngo-Agasti  ngemuva kokuba singaphumelelanga isivumelwano angene kuso noMbuso.

UMario-César Deus Yela uvele eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape esigcawini esandulela ukuqolwa kwecala ngoLwesihlanu, lapho ummeli wakhe uWilliam Booth etshele inkantolo ukuthi ithimba lakhe lenze iziphakamiso ezimbalwa zibhekiswe kuhulumeni.

Nokho, uMbuso awuzange uzamukele lezi ziphakamiso.

Lo dokotela ubelalele ngokucophelela ngesikhathi uBooth ekhuluma, ngaphambi kokuba utolika amchazele ngesinqumo senkantolo ngolimi lwangakubo.

Leli cala elizodonsa amasonto amathathu lihlelelwe umhlaka-20 Agasti.

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo osolwa ngokubulala amawele akhe

UDeus Yela, odabuka eBarcelona, eSpain, usolwa ngokubulala izingane zakhe, o-Octavia noMaximo, emzini ayewuqashele iholidi oseHout Bay, ngo-Ephreli.

Lowo owayengunkosikazi wakhe uJulia Engelhorn wathola izidumbu zalezi zingane ezazineminyaka emithathu ubudala zisegumbini lokulala ngesikhathi uYela emumemele kulo muzi ukuba bazodla isidlo sasemini.

Kwathi uma efika lo wesifazane, uYela wamtshela ukuthi usebulele amawele abo.

Ingane yabo yesithathu yayisesikoileni ngaleso sikhathi.

UYela usolwa nangokusabisa ngokugwaza u-Engelhorn, okuthiwa wakwazi ukweqa wabaleka wabe esecela usizo konogada. Usolwa nangokweba imoto ka-Engelhorn yohlobo lweToyota Prado.

Kumanje ugqunywe esitokisini ngemuva kokuthi anqatshelwa ibheyili egcina ukuvela eNkantolo yeMantshi yaseWynberg.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.