Lizoshintshwa itshe lesikhumbuzo likaRobbie Malinga ngemuva kwezikhalazo

2018-01-04 18:07

eGoli - Itshe lesikhumbuzo likaRobbie Malinga selehlisiwe ukuze lakhiwe kabusha.

Lokhu kulandela izikhalazo zabalandeli balo mculi ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngokuthi lo mfanekiso obubekiwe awufani nalo mculi.

Leli litshe lesikhumbuzo likhulu lilingana nomuntu ophilayo, belenziwe ngokomfanekiso kaMalinga osesebenze iminyaka engaphezu kwengu-20 kwezomculo.

UMalinga ungcwatshwe eWestpark Cemetery lapho kungcwatshwe khona amanye amaqhawe omzabalazo kanye nosaziwayo abadumile.

ULebohang Khitsane‚ oyiCEO yenkampani iBataung Memorials utshele abeTshisaLIVE ukuthi bathathe isinqumo sokuba baliqale phansi leli litshe ngemuva kokuthola ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA:Ubashiye befuna impinda uZodwa Wabantu emcimbini

"Sizibonile izikhalazo zabantu ezinkundleni zokuxhumana sase sithatha isinqumo sokuba siliqale phansi. Abantu bakhombe izinto ezimbalwa kulo mfanekiso ezingafani nezalo mculi," kusho yena.

UKhitsane uthi uthathe lesi sinqumo ngoba inkampani yabo iyaziqhenga ngokwenza amatshe esikhumbuzo ahlukile nasoqophelweni eliphezulu.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.