Lonakele usuku lwamanye amalungu esiShayamthetho eKZN engaholi

2017-03-16 16:01

Durban - Abe nosuku olumuncu amalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal izolo ngoLwesithathu ngenxa yokungaholi ngosuku obekumele ahole ngalo.

Amalungu angu-38 kwangu-80 esishayamthetho nezisebenzi nje zesishayamthetho ezingu-15 athi ukungaholi kwawo kumoshe izinto eziningi njengoba esuke enezinhlelo afuna ukuzifeza ngemali.

Ngokusho kwelungu lephalamende elipotshozele leli phandandaba ILANGA, lolu daba, kunama-debit obekumele abambe imali yawo kodwa afike angayithola kuma-akhawunti.

Lokhu uthi kubenza babe ngabantu ababi kulabo ababakweletayo njengoba sebezobazi njengabantu abangazihloniphi izivumelwano yize besesishayamthetho.

OLUNYE UDABA:UMugabe udalule umholo wakhe

Uthi isizathu abasinikwe nguSomlomo wesiShayamthetho, uNkk Lydia Johnson mayelana nokungaholelwa ukuthi kube nenkinga kumakhompyutha, ebakhahlela.

"Kusixakile ukuthi la makhompyutha asikhahlela kanjani njengoba kade saqala ukuholelwa ngawo. Besifuna ukwazi ukuthi aze asikhahlele nje enziwe ngubani ukuthi enze lokhu ngoba phela nawo asethwa ngumuntu. Yize besithembisile ukuthi sizoholelwa namhlanje ngoLwesine kodwa nje kusilimazile ukungaholi izolo," kusho lo mthombo.

Umholi wekhokhasi yeNkatha Freedom Party (IFP), uMnu Blessed Gwala, uthe ukungaholi ngesikhathi okufanele kuholwe ngaso kuyinkinga kunoma ngubani.

"Kusuke kunezikweletu nemishwalense okusuke kufanele ikhokhelwe, okukwenza ube nechashazi lokungathembeki uma ungakhokhi ngesikhathi.

"Eminye yale mishwalense uma ungayikhokhele iyavalwa kodwa usomlomo wesishayamthetho uxolisile ngalesi simo kodwa kufanele kuphenywe ukuthi kwenziwe yini.

"Amalunga ePhalamende acelile kusomlomo ukuba abhale incwadi ezoyiswa kulaba esibakweletayo, eshoyo ukuthi kakubanga yiphutha lawo ukungakhokhi kodwa kube ngelakhe," kusho uMnu Gwala.

UMnu Francois Rogers weDemocratic Alliance (DA) uthi ibaphethe kabi indaba yokungaholelwa kwamanye amalungu kodwa amanye aholelwa. Uthi ngabe kungcono ukuba baziswe kusenesikhathi ukuthi kunenkinga abantu bangaboni sebesemabhange ukuthi umholo awungenile. 

"Ukuxhumana kubalulekile ezimeni ezifuze lesi ngoba ngabe babatshelile nalabo ababakweletayo kusenesikhathi ukuthi bazobakhokhela nini bangaze bethi badonsa imali bafice kukhala ibhungezi," kusho uMnu Rogers.

Okhulumela isiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Wonder Hlongwa, uthe amalunga esiShayamthetho ahola nyanga zonke ngomhlaka-15 kodwa kule nyanga babenenkinga emakhompyutheni abo njengoba eveze amanye amalungu njengabantu abahola ngomhlaka-16.

"Bazoyithola namhlanje imali yabo. Siyaxolisa ngobuhixihixi obenzekile," kusho uMnu Hlongwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter






NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.