Lubangwa nezibi usana kulandela ingozi ebulale abathathu e-KZN

2017-06-16 11:03

Pietermaritzburg – Usana olunamasonto amathathu luzelwe lubalwa nabanye abalimale ngesikhathi kwehla ingozi phakathi kwamabili ku-N3 eMgungundlovu okushone kuyo abantu abathathu.

Okhulumela iNetcare 911 uthe abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko sale ngozi enyantisa igazi ku-N3 ngasemgwaqeni ochezukela kuNew England Road.

“Imibiko esiyithole endaweni yesehlakalo itshengisa ukuthi kukhona osuke emzileni wakhe wayoshayisana nemoto ebiza komunye umzila,” esho.

OLUNYE UDABA: Kushone abane engozini yetekisi neloli eThekwini

“Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola izingcucu zezimoto zisaphazeke yonke indawo, kubonakala ukuthi zishayisane zihamba ngesivinini esiphezulu.

“Kutholakale ukuthi kushone abantu abathathu, oyedwa esesimeni esibucayi kwathi ababili nabo bathola ukulimala okubi. Omunye wabalimale kabi kubalwa kubo nosana olunamasonto amathathu luzelwe.”

Abezimo eziphuthumayo bakwazile ukunikezela ngosizo lwezempilo kwabalimele ngaphambi kokubaphuthumisa esibhedlela.

Iziphathimandla ziyaphenya ngemibandela eholele kule ngozi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.