Lusaqhubeka udlame lwamaqembu ezigelekeqe eKapa

2017-09-11 16:00

Cape Town - Amaqembu ezigebengu aphinde adubulana namuhle ekuseni endaweni yase-Ocean View, ngaphandle kwaseKapa, ngokusho kombiko.

NgoMgqibelo, kwadutshulwa kwabulawa ingane yomfana eneminyaka engu-9 ubudala, u-Aqeel Davids.

Ngokusho kwezihlobo zale ngane, indoda eyayijahwa ngamanye yangena igulukudela emzini wakubo kwengane ngoMgqibelo ebusuku.

OLUNYE UDABA:Kushone intombazane, 16, kudubulana amaqembu ezigebengu

Ushayasibhamu wabe esevulela ngenhlamvu, kwadubuleka lo mfana.

Kulesi sigameko kwalimala nabanye abantu abathathu.

UKathy Cronje, we-Ocean View Community Policing Forum, uthe uthuthuva lodlame lwamaqembu ezigebengu luqale phansi ngoLwesihlanu.

"Phakathi kwamabili, kwabulawa ingane yomfana. NgoMgqibelo ebusuku kwakuqhuma inganono kanti futhi nanamuhla ekuseni ngiyacabanga ukuthi ibisaqhubeka impi yezulu lezandla."

Udlame lwamaqembu ezigelekeqe luyinto evamile emalokishini aseKapa, njengoba umkhandlu uthi uyazama ukunqanda lesi sihlava.

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.