Lusindile usana olugqithwe wunina luphila

2017-07-29 14:57

New Delhi (AFP) – Usana lomfana lwaseNdiya olunesonto elilodwa luzelwe lusindile kulandela ukuhlala ngaphansi komhlaba amahora ambalwa ngemuva kokuthi ligqitshwe ngumama walo luphila.

Umama walolu sana uthi le ngane wayithola ngemuva kokudlwengulwa, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu, kubika iThe Star Online.

Isililo esizwiwe yizakhamuzi yiso esiholele kulo mgodi ongashoni lapho okufike kwatholakala khona lolu sana enkabeni yedolobha iMadhya Pradesh.

Umama, 16, uthi ugqibe usana lwakhe ngoba ethi “uyaqeda ngalo” ngemuva kwezinsuku ezimbalwa ebelethe kungazi muntu ekubo eBarwani, kusho amaphoyisa.

Izingane ebezidlala eduzane kwalapho obekugqitshwe khona le ngane zithi zezwa isililo zase zibikela abadala ngomhlaka-3 Julayi.

OLUNYE UDABA: Ugqibe ingane iphila owesifazane othe ‘ngeke akwazi ukondla enye ingane’

Le ngane yatholakala igqitshwe ethuneni elingashoni, kukhona nodaka.

Kuthiwa ingane yayisilunywe yizinambuzane isingenwe nangamakhaza, kepha manje iyelulama njengoba izodluliselwa ekhaya lezingane, kusho izikhulu.

“Isisulu sakhetha ukulahla le ngane ngokuthi siyigqibe emgodini ongakubo,” kusho okhulumela amaphoyisa aseBarwani uPrashant Khare etshela i-AFP.

Kuthiwa ngemuva kokwenza lokhu sabe sesibuyela lapho siganele khona.

Amaphoyisa athi lo mama angase abhekane necala lokuzama ukubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.