Lutholakale luphila usana olugqitshwe lunezinsuku ezintathu

2017-10-18 19:32

Port Elizabeth – Usana olunezinsuku ezintathu luzelwe lutholakale lugqitshwe ngomhlabathi ndaweni yakwaDwesi, Eastern Cape.

Yize lolu sana belugqitshwe ngaphansi komhlabathi, lutholakale lusaphila lwase luphuthunyiswe esibhedlela, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Lolu sana lutholwe ngezinye izingane ezimbili ebezidlala kule ndawo ngemuva kokuthi ziluzwe lukhala.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owesifazane 'ngokubulala' usana

“Lezi zingane bezidlala kule ndawo ngesikhathi zithola le ngane eziyizwe ikhala igqitshwe ngenhlabathi. Kubizwe amaphoyisa okuyiwona ayithathileayiphuthumisa esibhedlela iDora Nginza Hospital,” kusho uCaptain Andre Beetge, okhulumela amaphoyisa.

UBeetge uthe lolu sana luyalulama kodwa bacela umphakathi ulekelele ngolwazi olungaba wusizo ekutholeni abazali balo.

Uma kukhona onolwazi angaxhumana nomphathi siteshi emaphoyiseni akwaDwesi uLieutenant-Colonel Singaphi Sijako ku-82 302 5961.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.